
Izitshudeni Ezintathu Ziya EMelika Ngosizo lwe-Fulbright
Click here for English version
Izitshudeni ezintathu zaseNyuvesi YaKwaZulu-Natal ziyokwenza izifundo zobudokotela emikhakheni ehlukene emanyuvesi aseMelika.
Labo bangoNks Mantwa Madiba, uMnu Sduduzo Mncwabe noNks Samiksha Singh.
UNks Madiba oyofundela iziqu zobudokotela kwezomthetho wentela e-Wake Forest University e-North Carolina, eMelika, uthe ujabulile, yinhlanhla engandele bani ukuthola lo mfundaze.
Ucwaningo lwakhe lweziqu zobudokotela luqhathanisa isimo saseNingizimu Afrika nesaseMelika semali engena ngama“bhanoyi” okwenza imali. Uthe akaze ukuthi alindeleni lapho eya khona nokuthi uzokwazi ukwenza konke ngeminyaka emithathu. Kodwa futhi uthe ujabule kakhulu ngethuba lokuyoqhuba izifundo zakhe.
UNks Madiba, owathola iziqu ze-Master’s kwezeNtela ngoMbasa e-UKZN wayeyingxenye yohlelo i-nGAP olwaqalwa umNyango wezeMfundo ePhakeme ukulekelela amanyuvesi ukuthi akwazi ukuqasha izifundiswa ezintsha ngokwezinhlelo zokuqasha izisebenzi nokuzithuthukisa.
Uthe uyakuthanda ukufundisa kanti umagange ukwenza olunye ucwaningo ngokuthi amanye amazwe enza kanjani ngezitshudeni ezingakalungi ngokugcwele. Uthe kwenye inkathi naye njengomuntu ofundisayo uke azizwe engakalungi ngokugcwele, ikakhulukazi ngenxa yokuthi ufundisa ngobuchwepheshe. Ukholwa ukuthi abantu abafundisayo kufanele basebenzise indlela ebheka izidingo zabafundi.
UNks Madiba ohambe nendodana yakhe eneminyaka emihlanu uTsakane uthi unenhlanhla ukuba nabantu abamesekayo eMelika, njengoba umshana wakhe nodadewabo bese- North Carolina nase-Seattle.
UMnu Mncwabe uyofundela iziqu zobudokotela kwi-Development Psychology e-University of Rochester e-New York iminyaka emihlanu. ‘Ngiyokhulisa ulwazi lwami lwezobuholi kanti ngifisa ukubuya ngizosebenzela umphakathi njengezinhlelo ezinjengenhlangano engenzi nzuzo i- Action in Autism.’
Uthe uthakasile ngethuba lokubona izindawo namasiko ehlukene nokuhlangana nabantu bakwezinye izindawo emhlabeni. ‘Yithuba lokuhlangana nabantu ngokomsebenzi nangokwempilo okuyongisiza impilo yami yonke.’
Ngenkathi eseMelika uMncwabe uthi uhlele ukugxila ohlangathoni lwamasiko ngenkathi ehambe ngomfundaze we-Fulbright. ‘Yebo ngizofunda ngezemfundo ephakeme yaseMelika kodwa futhi ngizoba yinxusa leNingizimu Afrika nezikole eziningi engafunda kuzona njengaseMthintanyoni Primary School, e-Donnybrook Primary School neXobho High nase-University of KwaZulu-Natal nasezibhedlela eziningi zomNyango wezeMpilo okukhona i-RK Khan.’
UNks Singh, uzofundela iziqu zobudokotela kwiSayensi yezeMvelo egxile ekungcoleni kwemifula ingcoliswa yizinto ezinocwazi, uthe unenhlanhla futhi uyabonga ukuthola umfundaze njengoba kuyithuba eliyingqayizivele azolisebenzisa ngendlela efanele.
Uthe iziqu zase-University of California e-Riverside zizomenza ehluke kwabanye ngokomsebenzi wakhe. ‘Ngithakasile ngamathuba azolethwa yilezi ziqu.’
‘Ngifisa ukubuya nomqondo womhlaba ikakhulukazi ezindabeni zezemvelo futhi ngingagcini ngokuthola izinkinga kodwa nezisombululo zazo. Ngethemba ukuthi engizokuthola kuzokwelekelela ezintweni esibhekene nazo lapha ekhaya, ikakhulukazi ngamanzi angcolile njengoba entuleka amanzi kanti awumthombo wempilo omqoka. Ukuphuculwa kwesimo samanzi kuyohlomulisa wonke umuntu,’ kusho yena.
Amagama: nguSithembile Shabangu
Isithombe: Sithunyelwe